Mina ngathi: Ningonkulunkulu nina, nonke ningamadodana oPhezukonke.
Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu; yebo, yenzani okuhle noma okubi, simangale, sikubone kanyekanye.
Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo, abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi : Ningonkulunkulu bethu.
UJesu wabaphendula wathi: Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi : Ngithe: Ningonkulunkulu, na?