intukuthelo kaJehova inivuthele , avale izulu , ukuze kungabikho mvula , izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.
ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini , nginixoshe, niphele.
Ngokuba angibathumanga , usho uJehova ; baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.
Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe , ngiludilizele phansi , lunamathele emhlabathini , kwambulwe isisekelo salo ; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.
Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni , ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.