Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabath a, waphendula, wathi kuso isixuku: Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo ; ngakho-ke anoza ngazo , niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.
Ngakho, vumani izono omunye komunye , nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.