nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu , niqale endlini yami engcwele. Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.
Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango , niqale ukuma ngaphandle , ningqongqothe emnyango , nithi: Nkosi, sivulele, uyakuphendula, athi: Anginazi lapho nivela khona.