Nase nisondela , nema phansi kwentaba ; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.
Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo:
Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali , ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,