Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo ; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho ; umfokazi osondelayo wobulawa.
Lapho niyakukhonza onkulunkulu , umsebenzi wezandla zabantu , imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.
Kuyakuthi lapho nisho nithi: UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lok hu na ? usho kubo ukuthi : Njengalokho ningishiyile , nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini , kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.
ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe , niye ezweni eningalaziyo , nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku , ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.