Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu , niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana , engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla ; ngokuba abantu abayikudla engakafiki , lokhu nguye obusisa umhlatshelo , andukuba abamenyi weyo badle . Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.