Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunika uJehova umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.
Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe.
Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.
Uma uyise engenabafowabo , niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe , alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose. Ukumiswa kukaJoshuwa abe ngumholi
Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.
Niyakunika umuzi ifa lezinkulungwane eziyisihlanu ububanzi nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude eceleni komnikelo wokungcwele, libe ngelendlu yonke yakwa-Israyeli.