Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo , nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.
Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele , bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina.