Futhi nxa nizila ukudla , ninganyukumali njengabazenzisi ; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile . Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
Kwathi sekuzakusa , uPawulu wabancenga bonke ukuba badle , wathi: Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho.