Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe , nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe
Khulumani kwaJuda , nizwakalise eJerusalema, nithi: Bethani amacilongo ezweni, nimemeze nithi: Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.
Khumbuzani izizwe ; bhekani, nizwakalise eJerusalem a ukuthi kufika abavimbezeli abaphuma ezweni elikude ; baliphakamisa izwi labo ngakuyo imizi yakwaJuda.
Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Hlabelelani kuJakobe ngokujabula , nimemezele inhloko yezizwe , nizwakalise, nidumise nithi : Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.
Yazisani eGibithe , nizwakalise eMigidoli , nizwakalise naseNofi naseThahipanesi, nithi: S uka ume , uzilungise, ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.