Skip to Content

"njalonjalo"

51 occurrences in ZUL

Wathi wena: Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo . Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.

Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi . Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.

Wobayala abantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

Nanku umnikelo ka -Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo , inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.

Yala abantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo , wena wehle njalonjalo.

U-Abineri wayesememeza kuJowabe , wathi: Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na ? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?

Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide , kodwa akuyikuba njalonjalo.

Wathi endodeni yakhe: Bheka, manje sengiyazi ukuthi ungumuntu ongcwele kaNkulunkulu, odlula kithi njalonjalo.

UJehova uNkulunkulu wawoyise wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba waha wukela abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;

nokuba umhambele ekuseni njalo, umhlole njalonjalo, na?

Koze kube nini , Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na ? Koze kube nin i usitheza ubuso bakho kimi na?

Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke ; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami ; mabathi njalonjalo: Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.

Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.

Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo.

Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaz a endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.

Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: Makabe mkhulu uNkulunkulu.

Yiba kimi idw ala lokuhlala , ukuze ngiye kulo njalonjalo ; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

Ungakhohlwa izwi lezitha zakho , ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.

Uyakusithukuthelela njalonjalo na ? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise , nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.

Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade , angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami , leyo miphefumulo engiyenzileyo.

Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo, ayigcine kuze kube nini na ? Bheka, ukhuluma kanjalo; uyenza okubi, uyaphumelela.

Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi , usho uJeho va, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,

Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi , ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo.

Bahlehlelani laba bantu baseJerusalem a ngokuhlehla njalonjalo na ? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.

Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda , kuze kube namuhla , le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.

UJehova uthumile kin i zonke izinceku zakhe abaprofethi , ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe

niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engi bathumile kini , ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga,

ngokuba abawalalelanga amazwi ami , usho uJehova , engawathuma kubo ngezinceku zami abaprofethi , ngibathuma njalonjalo ; yebo, kanilalelanga, usho uJehova.

Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.

Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.

Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi , ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , nenze imisebenzi yenu ibe mihle , ningalandeli aban ye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo . Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.

Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi , ngizithuma njalonjalo, ngathi: Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.

Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi , zikhumule izingubo zazo , zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo , zembathe ukuthuthumela , zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo , zimangale ngawe.

Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo , inxenye yesithupha ye-efa nenxenye yesithathu yehini lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.

Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho , ugcine umusa nokulun ga, ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.

nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo , ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.

Khona bathi kuye: Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.

wayengumuntu okholwayo nowesaba uN kulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.

sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu , ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.

Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo , kungabi nxa ngikhona kini kuphela,

Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!

Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu , nxa sinikhulekela,

ngalokho nganengwa yileso sizukulwane , ngathi: Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,

engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu , uhlala engumpristi njalonjalo.

Ngokuba lokhu umthetho unes ithunzi sezinto ezinhle ezizayo , ungesiwo umfanekiso wazo uqobo , ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;

Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.

Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga , okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.