Skip to Content

"njani"

36 occurrences in ZUL

Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

Wayesesho koZeba noSalimuna , ethi: Babe njani labo bantu enababulala eThabori na ? Bathi: Babe njengawe ; yilowo nalowo wafana nabantwana benkosi.

Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi , lokhu sifungile uJehova ukuthi asiyikubanika amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?

Amalunga enhlangano ayesethi : Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?

AmaFilisti abiza abapristi nababhuli , athi: Siyakwenze njani ngomphongolo kaJehova na? Saziseni ukuthi singawubuyisela kanjani endaweni yawo.

Nxa usumukile kimi namuhla , uyakufumana aban tu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa ; bayakuthi kuwe : Izimbongolo owawuye ukuzifuna zitholiwe ; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: Ngiyakwenze njani ngomntanami na?

USamuweli wathi kuSawule : Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na ? USawule waphendula wathi : Ngihluphekile kakhulu , ngokuba amaFilisti ayalwa nami ; uNkulunkulu ungishiyile , akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.

Wayesethi u-Abisalomu ku-Ahithofeli: Sipheni isiluleko sokuthi siyakwenze njani.

Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisan a ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.

Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi , nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba njani kumntwana.

Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni , saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi . Yayisithi inceku kuye: Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?

Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo ; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani , kodwa amehlo ethu akuwe.

U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: Kepha siyakwenze njani ngamatalenta ayikhulu engiwanike impi yakwa -Israyeli na ? Umuntu kaNkulunkulu wathi: UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.

yathi: Siyakwenze njani kuyo inkosikazi uVashiti njengomthetho , ngokuba ayenzanga izwi lenkosi u-Ahashiveroshi ngesandla sezinduna, na?

UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.

ngiyakwenze njani , lapho uNkulunkulu evuka , nalapho engiphenya , ngingaphendula ngokuthini na?

Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelw a nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na ? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

Abaprofethi baprofetha amanga , abapristi babusa eceleni kwabo ; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?

Uma ugijimile nemigundatshani , yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?

Yima endleleni , uqaphele wena ohlezi e -Aroweri, ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi: Kwenze njani na?

Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na?

Base bethi kuye : Siyakwenze njani kuwe , ukuze ulwandle luthule kithina , ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu.

UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona , wahlala phansi kwalo emthunzini , ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.

Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze njani labo balimi na?

UPilatu wathi kubo : Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na ? Bonke bathi: Makabethelwe esiphambanweni.

Base begcwala ukuhlanya , bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu. Ukukhethwa kwabaphostoli (Math. 10:1; Mark. 3:13)

Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho.

Wayesethi umphathi phakathi kwakhe : Ngizakwenze njani , lokhu inkosi yami ingaphuca ubuphathi? Anginamandla okulima, nginamahloni ukunxiba.

Khona wathi umninisivini: Ngizakwenze njani na? Ngizakuthuma indodana yami ethandekayo; mhlawumbe lena bazakuyazisa.

Bayiphonsa ngaphandle kwesivini , bayibulala; ngakho-ke umninisivini uzakwenze njani kubo na?

Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi , bathi: Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi;

Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni , bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?

Wayigqolozela enokwes aba, wathi: Kwenze njani , Nkosi? Yathi kuye : Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.

Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile.

Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na ? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?

Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendu kela kanjani kuNkulunkulu , nishiya izithombe , ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,