Skip to Content

"njengakuqala"

17 occurrences in ZUL

Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.

UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u -Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo , kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.

Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.

Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi , akanibhubhisanga.

Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani , amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo , amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo , aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

Mina nabantu bonke abanami siyakusondela emzini ; kuyakuthi lapho bephuma ukusihlasela njengakuqala, sibaleke phambi kwabo.

Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: Babaleka phambi kwethu njengakuqala, bese sibaleka phambi kwabo;

Abantwana bakwaBenjamini bathi: Babulewe phambi kwethu njengakuqala. Kepha abantwana bakwa -Israyeli bathi : Masibaleke, sibadonse, baphume emzini, baye emendweni.

Wamfulathela, wabheka komunye , wakhuluma lona lelo zwi ; abantu bamphendula njengakuqala.

UJonathani wambiza uDavide ; uJonathani wamtshela konke lokho . UJonathani wamyisa uDavide kuSawule , waba khona ebusweni bakhe njengakuqala. USawule uphinda azame ukumbulala uDavide. Ukubaleka kukaDavide. UDavide useRama

Ngiyakumisela abantu bami u -Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo , bangabe besanyakaziswa ; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,

Inkosi yayisithatha yathi kulowo muntu kaNkulunkulu : Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe. Lowo muntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, saba njengakuqala.

UJehova wanika u -Israyeli umsindisi , baphuma phansi kwesandla sama - Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.

Ngiyakumisela abantu bami u -Israyeli indawo , ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo , bangabe besanyakaziswa ; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,

Abantwana b akhe bayakuba njengakuqala , ibandla lakhe lime phambi kwami, ngijezise bonke abamcindezelayo.

Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka -Israyeli, ngibakhe njengakuqala.

Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane ; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.