Skip to Content

"njengalokhu"

119 occurrences in ZUL

UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu , waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.

U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela , njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.

Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe , ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.

Wayesethi uMose: Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.

UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso , njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe . Wabuyela ekamu , kepha i nceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni. UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova

Onke amanoni awo uyakuwasusa , njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminike lo yokuthula , umpristi awashise e -altare abe yiphunga elimnandi kuJehova , umpristi amenzele ukubuyisana , aze athethelelwe.

Onke amanoni awo uyakuwasusa , njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula , umpristi awashise e -altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova , umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.

Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho , kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.

Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu , umthande njengalokhu uzithanda wena , ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo ; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha , babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba , bawe bengaxoshwa muntu.

Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe ngcwele kuJehova , umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi ; njengalokhu umpristi eyilinganisa , kuyakuba njalo.

Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi , liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela abo.

Uma umfokazi egogobele kuwe , noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina.

Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphaka nyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.

UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Wathi-ke kuwo: Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi. Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.

Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose , bathi: Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala.

kepha izinceku zakho ziyakuwela , kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa , phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami.

ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.

Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

Njengalokhu kudliwa insephe nendluzele, uyakukudla kanjalo; ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufananayo.

kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu , thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze , nethabe nokwethaba.

USamuweli wathi : UJehova uyenamela yin i iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwe zwi likaJehova , na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo , nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwa -Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa , njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.

Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina , lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi , kanye nomuzi obiyelweyo , nezikhali,

Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane , into inye ikwehlela kokubili : njengalokhu kufa lokho , kuyafa nalokhu ; kunomphefumulo munye , umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.

Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema , wabanikela baba yisibon elo esibi , nesimangaliso, nento enximfelwayo , njengalokhu nibona ngamehlo enu.

Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.

Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi , nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo , kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke , nakubo bonke abantu bezwe lakhe , ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela , wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.

Kepha wathi kuye : Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhl e kuphela kuNkulunkulu , singamukeli nokubi, na? Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.

Kuhle yini , lapho eniphendla ? Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?

Umusa wakho , Jehova, mawube ph ezu kwethu , njengalokhu sithemba wena.

Abanakwazi yini abenza okubi , abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu.

Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema , kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.

Njengalokhu umuntu elima , eklaya umhlabathi , amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.

Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama.

Uyakwandisa isizwe , ukhulise intokozo yaso ; bathokoza phambi kwakh o njengokuthokoza ekuvuneni , njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

Njengalokhu isandla sam i siyitholile imibuso yezithomb e ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula eyaseJerusalema neyaseSamariya,

anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?

UJehova wathi : Njengalokhu inceku yami u -Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu , iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe,

Bheka, uJehova uyakukulahl a njengalokhu umuntu elahla , abambe nokubamba.

Niyakuhlabelela njengasebusuk u lapho kugujwa umkhosi , nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshing o kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

U-Isaya indodana ka -Amose wathumela kuHezekiya , wathi: Usho kanje uJehova uNku lunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,

Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu

Usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni , bese kuthiwa: M alingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo , kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.

Bayakuletha bonke a bafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi, nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova , beze entabeni yami engcwele eJerusalema , usho uJehova, njengalokhu abantwana bakwa -Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.

Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi : Kuphila kukaJehova, njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.

Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu , kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa -Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda, usho uJehova , U kuba babe ngabantu bami , negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga. Izimvaba ezaphukileyo

Kuyakuthi njengalokhu ngibal indile ukuba ngibasiphule , ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale, usho uJehova.

Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu ngehlisele phezu kwalaba bantu konke lokhu okubi , kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engikukhulume kubo.

zathi kuJeremiya umprof ethi: Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho , unxusele yonke le nsali , ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi , njengalokhu amehlo akho ekubona nje,

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema , kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu , nxa nin gena eGibithe , nibe yisithuko , nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.

UMowabi uyakujabha ngoKemoshi , njengalokhu indlu ka -Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.

Kukubo nj engokubhula kwamanga emehlweni abo , njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.

Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni ; bangena kanjalo ko -Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.

Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe ibhuqu lawo liyakukusibekela , izingange zakho zizamazame ngomdumo wabamahhashi, nowokunamasondo, nowezinqola, lapho engena esangweni lakho njengalokhu kungenwa emzini ofohliweyo.

UJehova wathi kimi : Hamba futhi , umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu , bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.

Usho kanje uJehova , uthi: Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe , kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa , abahlala eSamariya ezingosini zezihlal o naphezu kwezingubo zikasilika zemibhede.

Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho.

Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonk e abezizwe , njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo , kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

Bayakuba ngabami, usho uJehova Sebawoti , babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.

Ngakho-ke nxa wabela isipho , ungakhalisi icilongo phambi kwakho , njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

usithethelele amacala ethu , njengalokhu nathi sibathethelel a abanecala kithi;

yazisa uyihlo nonyoko ; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

Owesibili ofana nawo uthi : Wothanda umakh elwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

Owesibili yilo : Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.

futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke , nangengqondo yonke , nangamandla onke , nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.

Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

Saphendula sathi : Woyithanda iNko si uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho , nangawo wonke umphefumulo wakho , nangawo onke amandla akho , nangayo yonke ingqondo yakho , nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.

Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe , kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo.

njengalokhu uBaba uyangazi , nami ngiyamazi uBaba ; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.

Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo , kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.

Mina ngibanikile izwi lakho ; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

ukuba bonke babe munye , njengalokhu wena Baba ukimi , nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.

Nenkazimulo ongiphe yona ngiyip hile bona , ukuze babe munye , njengalokhu thina simunye,

Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,

UPawulu wayesethi : Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari , lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona . Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.

Kungabi ngukuthi , njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi , ukuze kuvele okuhle na ? Ukulahlwa kwabo kubafanele. AbaJuda banesono njengabanye

njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:

Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi: Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami, nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;

Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye , kepha izitho zonke azinamsebenzi munye,

Ngokuba lokhu ukuthi : Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi, noma ukhona omunye umyalelo , kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi : Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha , njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.

Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo.

Kepha unenhlanhla ngokubona kwami , uma ehlala njengalokhu enjalo ; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni , kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.

Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa , ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.

Nethemba lethu ngani liqinile , sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.

njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu , njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu. UPawulu uchasisa isizathu sokungafiki kwakhe eKorinte

Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa , sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

Njengalokhu iqiniso likaKristu likim i, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya.

kepha manje , njengalokhu senimazi uNkulunkulu , yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho , enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?

bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye , njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya

Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,

Ngokuba akakho owake w azonda eyakhe inyama , kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla;

njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke , njengokuba nginithwele enhliziyweni yami , lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.

elifikile kini , njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo , landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu , kusukela osukwini enezwa ngalo , nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,

Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze , lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini,

Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe , njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,

seyaba nkulu kunezingelosi , njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo. UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu

Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose , njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.

ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.

kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu , esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi , njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka , ephethe igazi elingesilo elakhe;

Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva k walokhu ukwahlulelwa,

Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.

Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;

Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile , kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi , njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakatha ka, nibanike udumo , lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa. Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni

INkosi ayilibali ngesithembiso sayo , njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa , okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi , kube ngukubhujiswa kwabo.

kepha uma sihamba ekukhanyeni , njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye , negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi , ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.

uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;

Ngakho-ke njengalokhu usivivi , ungashisi ungabandi , ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.