Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo , impela kanjalo, usho kanje uJehova , ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda , nasezikhulwini zakhe , nakuyo insali yaseJerusalema , abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe.
yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.