Mababe njengamakhoba emoyeni, ingelosi kaJehova ibadudule.
Nkulunkulu wami, benze babe njengezibi ezikhwishizayo , njengamakhoba amuka nomoya.
Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi , kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.
Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo , yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhul o esisha esibukhali esinamazinyo; uyakubhula izintaba , uzicolisise, wenze amagquma abe njengamakhoba.
Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi , nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo , kwasuswa ngumoya , akutholwanga ndawo ; itshe elalisishay a isithombe laba yintaba enkulu , lawugcwalisa umhlaba wonke.