"njengamanzi"
25 occurrences in ZUL
Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.
Amadoda ase -Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha , abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi , ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.
Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.
Ngichithiwe njengamanzi ; onke amathambo ami enyele ; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.
Wagqoka ukuthuka njengesambatho , kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.
Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele , ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.
ngokuba uJehova uyalichitha iBabele , aqede phakathi kwalo umsindo omkhulu; amaza alo ayahlokoma njengamanzi amakhulu , nomsindo wokuhlokoma kwawo uyezwakala,
Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo , uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.
Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi : U bubulelani wena na ? uthi: Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika , izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla , izandla zonk e zidangale , kuhlwe emimoyeni yonke , amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi. Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova. Ihubo lenkemba