Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.
Imixhantela yakhe iyakuxhantela , ubuhle bakhe bube njengomnqumo , iphunga lakhe libe njengeLebanoni.
Kuyakuba khona inala kakolweni ezwen i esiqongweni sezintaba ; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni ; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.