Skip to Content

"njengenhliziyo"

10 occurrences in ZUL

Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu , zithi: Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.

Ophethe izikhali zakhe wathi kuye : Yenza konke okusenhliziyweni yakho : hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.

Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule , inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide , uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.

OJonathani noDavide be nza isivumelwano , ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.

Kwathi uSolomoni esemdala , omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu ; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise.

Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.

Imizi inqotshiwe , nezinqaba zithathiwe ; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka , andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa -Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo. Isiprofetho ngeDamaseku

Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile , wathi: Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkul u enhliziyweni yolwandle , ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu , noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba umisile inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu,