Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe.
UJehova uyaphuma njengeqhawe ; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.
Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo , njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.
Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu , ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.
U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe ; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.