Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda , ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa , ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu. Indlala yezwi likaNkulunkulu
Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa , bambheke abamgwazileyo , bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa , babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.