"njengokulotshiweyo"
23 occurrences in ZUL
njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa -Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose , i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi ; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.
ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,
Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.
UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminike lo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.
Kodwa akabulalanga abantwana bazo , kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana , nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.
Benza isinqumo sokuhambisa izwi ku -Israyeli wonke kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani ukuba bafike , bamenzele uJehova uNkulunkulu ka - Israyeli iphasika eJerusalema , ngokuba babengalenzanga ebandleni njengokulotshiweyo.
nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa , eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa , neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga , neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.
Ayisusa iminikelo yokushiswa ukuba ayabele njengamaqembu ezindlu zawoyise babantu besizwe , ukuze banikele ngayo kuJehova njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Enze njalo nakuzo izinkabi.
Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki , nabafowabo abapristi , noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , nabafowabo, bakha i -altare likaNkulunkulu ka -Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.
Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo , banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,
Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose.
bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi : Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo , namagatsha omnqumo wasendle , namagatsha ombomvana , namagatsha esundu , namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo.
Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunku lu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,
kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu , nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emth ethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu , kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;
Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele , nokho asincenga nga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.
Wayesethi kubo : U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;
Okhokho bethu badla imana ehlane njengokulotshiweyo ukuthi : Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.
Ngokuba ukulunga kukaNku lunkulu kwambulwa kulo , kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi : Olungileyo uzakuphila ngokukholwa. Intukuthelo kaNkulunkulu ngezono zabezizwe
njengokulotshiweyo ukuthi : Ngikumisile ube nguyise wez izwe eziningi phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona,
Bayakushumayela kanjani , uma bengathunywa na ? Njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.