Ngubani lo olunguza njengokusa , emuhle njengenyanga , ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na? Umnyeni:
Masimazi, sijonge ukumazi uJehova ; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula , njengemvula yamuva enethisa umhlaba.
Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.
Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa , nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
usuku lobumnyama nolwesigayegaye , usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni , abantu abaningi abanamandl a abangazange babe ngabanjalo kwasendulo , nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.