Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ng esikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili , izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe , wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.
uyakufa ngokuthula ; njengokushiselwa kwawoyihlo , amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho , kanjalo bayakukushisela wena , bakulilele, bathi: Maye, nkosi! Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.