"njengokuyala"
7 occurrences in ZUL
Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke , izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba , wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.
Izinceku zika -Abisalomu zenza ku -Amnoni njengokuyala kuka -Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka , yileyo naleyo yakhwela umnyuzi wayo , abaleka.
Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi : Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.
Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.