Bakhipha izingane zabo njengomhlambi; abantwana babo bayagida.
Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu ; wabahola ehlane njengomhlambi.
Yizwa, malusi ka -Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi , ohlezi phezu kwamakherubi; mawubonakale ngokukhazimula.
Nokho waphakamisa ompofu , wamkhipha osizini , enza imindeni njengomhlambi.
Njengomhlambi ongcwelisiweyo , njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo , kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.
Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho ; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira , njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo , kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.
UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo suk u njengomhlambi wabantu bakhe , ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.