Skip to Content

"njengomunye"

10 occurrences in ZUL

besaba kakhulu , ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune -Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.

USamsoni wathi kuye : Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

Wathi kuye : Uma bengibopha ngamagoda amasha okungasetshenziwan ga ngawo, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

Wamtshela inhliziyo yakhe yonke , wathi kuye : Akuthintanga mpuco ekhanda lami , ngokuba bengingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa , amandla ami ayakumuka kimi , ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe . UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.

UDavide wayesethi kuso isithunywa : Uyakusho kanje kuJowabe , uthi: Le nto mayingabi mbi emehlweni akho , ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe; bese wumqunga isibindi.

Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na ? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa -Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi , ngokuba ayiyikunginqabela nawe.

U-Izebeli wayesethuma isithunywa ku -Eliya ngokuthi : Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi , uma ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo ngalesi sikhathi kusasa.

Kodwa abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye bathi: Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi.

angisafanele ukuthiwa indodana yakho ; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.