kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu , nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.
Uyakukukhulumela kubantu , abe ngumlomo kuwe , wena ube njengoNkulunkulu kuye.
UJehova wathi kuMose: Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro ; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.
Ningizingelelani njengoNkulunkulu, ningasuthi ngenyama yami na?
Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?
Indlela yakho , Nkulunkulu, isebungcweleni; ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?
Ngalolo suku uJe hova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema ; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide , indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.
ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu , kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo ; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.
Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.