Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonath ani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.
UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe , wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
Ngokuba i nkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini ; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.
Awu wena nkemba kaJehova , koze kube nini ungathuli na ? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.
Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti . Shaya umalusi , zize zihlakazeke izimvu , bese ngiphendulela abancane isandla sami.