Skip to Content

"nobufakazi"

9 occurrences in ZUL

Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.

ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,

Inkosi yema ngasensikeni , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhlizi yo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.

unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.

Inkosi yema endaweni yayo , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhl iziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.

Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho , ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.

Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sam i nobufakazi bami engiyakubafundisa bona , khona abantwana babo bayakuhlal a esihlalweni sakho kuze kube phakade.

Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe , ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli ; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.

Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle , funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.