"nobusuku"
54 occurrences in ZUL
Amasango akho ayakuvuleka njalo , awayikuvalwa imini nobusuku , ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.
UNkulunkulu wathi : Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku , zibe yizibonakaliso zezinkathi , nezezinsuku, nezeminyaka,
Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.
Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.
UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe ; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.
UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyo bahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku.
UMose wangena efwini , wakhuphukela entabeni ; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , kadlanga lutho , kaphuzanga manzi . Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi. Inkazimulo yasebusweni bukaMose
Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova , ukuze ningafi , ngokuba ngiyaliwe kanjalo.
Abantu bavuka lonke lolo suku , nobusuku bonke , nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca ; owabutha okuncane wabutha amahomere ayishumi; bazenekela ngasekamu nxazonke.
Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe , izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani , ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.
Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili z amatshe, izibhebhe zesivumelwano.
Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.
Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zi nsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo , ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa.
Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane ; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi , akanibhubhisanga.
Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.
USawule wayesewela phan si ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye , ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.
bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane , nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo ; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe , ngokuba wayengadlanga sinkwa , engaphuzanga manzi , izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Lawo mazwi ami enginxuse ngawo phambi kukaJehova mawabe seduze noJehova uNkulunkulu wethu imini nobusuku ukuba avume inceku yakhe , avume nabantu bakhe u-Israyeli njengokudingeka kwemihla ngemihla,
Wavuka, wadla, waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , waya entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
Kepha abanye , abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi , babe semakamelweni bekhululekile kokunye , ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.
Lapho ngibeka inhliziyo yami uku kwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni , ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku,
ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.
Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.
Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami , uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku , ngokuba usuku lonke bathi kimi: Uphi uNkulunkulu wakho na?
Njalo lapho sidabula, siyakunibamba, ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku, kube ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.
Ngimisile abalind i phezu kwezingang e zakho , Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku ; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,
Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi , namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bam i imini nobusuku.
Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi : Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku , zinganqamuki, ngokuba i ntombi, indodakazi yabantu bami , ilimele ngokulimala okukhulu , ngokushaywa okunzima kakhulu.
ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe , niye ezweni eningalaziyo , nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku , ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.
Usho kanje uJehova , uthi: U ma naphula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kuze kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sakho,
Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini ; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni , izinyembezi mazehl e njengemifula imini nobusuku . Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.
UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona ; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu , kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Nezidalwa ezine , yileso naleso kuzo , zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo ; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi : Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke , owayekhona nokhona nozayo.
Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe , nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumi sa itabernakele phezu kwabo.
Ingelosi yesine yayisibetha ; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga , nokwesithathu kwezinkany ezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe , nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo , nobusuku ngokunjalo.
Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini , lithi: Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu , nombuso ngokaKristu wakhe , ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.