Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu : kuno-Ethani umEzra , noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi , negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke.
Amadodana kaZera : ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.
Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali, nangezingubhu, nangamahabu enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
kusemi ngasempumalanga kwe -altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo , bephethe amasimbali , nezingubhu, namahabhu, kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namash umi amabili bekhalisa amacilongo
Abahlabeleli, amadodana ka -Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide , no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.