Amadodana kaBela : ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amatha thu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
no-Eluzayi, noJerimoti, noBehaliya, noShemariya, noShefathiya umHarufi,
Amadodana kaMushi : ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise.
KuHemani: amadodana kaHemani : ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;
OJehiyeli, no-Azaziya, noNahati, no-Asaheli, noJerimoti, noJozabadi, no- Eleyeli, noJisimakiya, noMahati, noBenaya babe ngababonisi phansi kwesandla sikaKhonaniya noShimeyi umfowabo ngesiyalezo sikaHezekiya inkosi no-Azariya umphathi wendlu kaNkulunkulu.