Skip to Content

"nokuba"

89 occurrences in ZUL

Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku , akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.

makangaphathwa ngesandla , kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo ; noma kuyinkomo noma kungumuntu , akuyikuphila. Nxa icilongo likhala linganqamuki , bayakukhuphukela entabeni.

Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle , noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo , kumsithele, lapho esekwazi woba necala kokunye kwalokho.

Ngokuba ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho , kusukela osukwini uNkulunkulu adala n galo umuntu emhlabeni , kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye , uma kwake kwaba khona into engaka nokuba kwake kwezwakala okungangayo na?

nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.

nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe , bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

ngokuthi sizakhele i -altare, sabuya ekumlandeleni uJehova ; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo ye minikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.

Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe n gumuntu munye na ? Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.

uFinehasi indodana ka -Eleyazare ka -Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na? UJehova wathi: Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.

Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u -Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami , uyakufa nokufa . Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.

U-Abineri wayesethi kuDavide: Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u - Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho . UDavide wammukisa u - Abineri, wahamba ngokuthula.

Wayesethi yena: Inkosi ake ikhumbule uJehova uNkulunkulu wayo ukuba umphindiseli wegazi angaqhubeki ukuchitha nokuba bangayibulali indodana yami. Yathi: Kuphila kukaJehova , akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwendodana yakho.

Wayesethi ku-Eliya: Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na ? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.

nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla , noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele , futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.

Uyini umuntu ukuba umkhulise, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,

nokuba umhambele ekuseni njalo, umhlole njalonjalo, na?

Nokuba bengiziphakamisa , ubuyakungizingela njengengonyama , ubuye uzenze omangalisayo kimi.

Ngakho-ke asiyikwesab a nokuba kuguquka umhlaba , nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,

nokuba amanzi alo ehlokoma , ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela

Kepha umuntu , nokuba enodumo , akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.

Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.

Udla umlotha ; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile ; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi : Akukho yini amanga kwesokunene sami na? Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli

Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe , ngithi: Inkemba mayidabule ezweni, ukuze nginqume kulo abantu nezilwane,

Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe , ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane,

Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukut hi le mfihlakalo yambuliwe kimi , kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.

nokuba ongawi phansi , akhuleke, aphonswe phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.

Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziwey o aniyikuhlala kuzo , nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.

Ungafungi nekhanda lakho , ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.

Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo : Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka , nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

Ukubhapathiza kukaJ ohane kwavelaphi , ezulwini nokuba kubantu , na? Bakhulumisana bodwa , bathi: Uma sithi : Ezulwini, uzakuthi kuthi : Pho, anikholwanga nguye ngani na?

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo : Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?

Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela,

Wayesethi kubo : Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na?

Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na?

Kuthe umFarisi obemmemile ekubona , wazindla wathi : Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.

Akakho othi esokhela isibani , asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.

Ngokuba kuyakumsizani umuntu , uma ezuzile izwe lonke , yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?

Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni , nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,

UPetru wayesethi kuye: Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?

Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle ?

Futhi kabayikusho ukuthi : Bhekani, nanku, nokuba, nankuya; ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.

Bakhuluma, bathi kuye : Sitshele ukuthi lokhu ukwenza ngagunya lini , nokuba ngubani okunike leli gunya na?

Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa . Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.

Yena wayesephendula ethi : Nokuba uyisoni angazi ; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.

kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu , uNkulunkulu uzakukunika khona.

Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho . Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela , kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.

Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.

ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo,

Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu.

ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo , kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa.

Nokuba mabasho lab a ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,

Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya ; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.

Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane , afe. Kepha sebebheka isikhathi eside , bebona ukuthi akafikelwa ngozi , baphenduka bathi ungunkulunkulu. UPawulu uphilisa iziguli

Ngokuba umbhalo uthi kuFaro : Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.

Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na? Nabezizwe bayakukhethwa ngomusa kaNkulunkulu

U-Isaya umemeza ngo -Israyeli, uthi: Nokuba umumo wabantwana bakwa - Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,

nokuba: Ngubani ozakwehlela kwalasha na ? okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo.

Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?

Ngakho masingabe sisahlulelana ; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.

ukuze ngihlanguliswe kwabangakholwayo baseJudiya nokuba lokho engikhonza ngakho eJerusalema kwamukeleke kahle kwabangcwele,

angisho izifebe zalo mhlaba , nokuba abahahayo nabaphangi , nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;

Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,

Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha , ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe , ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile.

Ngokuba njengomzimba umunye , kepha unezitho eziningi , nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.

Uthando alusoze lwaphela ; kepha nokuba kukhona ukuprofetha , kuyakukhawuka; nokuba kuyizili mi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi , kuyakukhawuka.

Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na?

Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama ; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.

Ngakho nakuba nganilobela , angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu.

Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto -- nokuba babe yini , akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu -- ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.

Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu : nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo.

engamthumela kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu , nokuba aduduze izinhliziyo zenu.

njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo , kepha ngesibindi sonke , njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami , nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;

ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi , nokuba kuyimibuso , nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla ; konke kwadalwa ngayo , kwadalelwa yona;

nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo , yebo ngayo , nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.

nokuba sikhululwe kuban tu abadukileyo nababi ; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke.

Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise , nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.

Ngokuba niyazi ukuthi , nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka , noma ekufunisisa ngezinyembezi.

enithokoza ngakho , nokuba manje ngesikhashana , uma kudingeka , nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo,

bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uM oya kaKristu owayekubo , efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;

Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi , nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu,

nokuba kungababusi njengokuba bethunywa yiyo , ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle,

kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.

Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo

Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke , ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe , yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,

Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngaw e, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa -Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.

ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise , uma engenalo uphawu , igama lesilo noma isibalo segama laso.

Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini , lithi: Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,