Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo , ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.
ngiyanimemezela namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha ; aniyikuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.
Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.
Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova ; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.