"nokubi"
20 occurrences in ZUL
UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo , emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu , nomuthi wokwazi okuhle nokubi.
kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi , ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa. Ukudalwa kowesifazane
kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu , nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.
UJehova uNkulunkulu wathi : Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu , uyakwazi okuhle nokubi ; kepha manje makangeluli isandla sakhe , athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.
Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango , nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona , balidle.
Yayisithi incekukazi yakho: Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami , inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.
Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili ; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini ? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na ? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na ? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami , inkosi, ngani na?
Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?
Lapho bengiyakumphulukisa u -Israyeli, bambulelwa ububi buka -Efrayimi nokubi kweSamariya , ngokuba benza inkohliso , amasela ayafohla , nabaphangi baphanga ngaphandle.
Kepha wathi kuye : Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhl e kuphela kuNkulunkulu , singamukeli nokubi, na? Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga , ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso , ngenze isivumelwano esiphakade nabo.
Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba , babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.
Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani , ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo , abathi e zinhliziyweni zabo : UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.
Kepha mina ngithi kini : Ningamelani nokubi , kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
Yayisithi iNkosi kuye : Manje-ke nina baFarisi nihl ambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi.