Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushw a nina besifazane abazethembayo, ngokuba ukuvuna kwemivini ku yakuphela, nokubutha akuyikufika.
Bengiyakubutha nokubutha, usho uJehova, kepha azikho izithelo zomvini emvinini, namakhiwane emkh iwaneni; namaqabunga abunile ; engibanikile khona kusukile kubo.