Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela , waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakh e, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.
Abantu bezwe bacindezele nokucindezela , baphangile nokuphanga , yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo , bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.