Skip to Content

"nokugcwala"

14 occurrences in ZUL

nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowahlala esihlahleni; isibusiso masifike ekhanda likaJosef a nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.

Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo , amasimu ename nakho konke okukuwo.

Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.

Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.

Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo.

Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.

Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo.

Sondelani nina zizwe , nizwe, nilalele nina bantu : makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.

Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho , abe ngumfula okhukhulayo , akhukhule izwe nokugcwala kwalo , umuzi nabakhileyo kuwo ; abantu bayakukhala , bonke abakhileyo ezweni bahhewule.

Labhidliza izinqaba zabo, lachitha imizi yabo , izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo.

Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi , ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi; mina Jehova ngikukhulumile.

INkosi uJehova izifungile , usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti , yathi: Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe , ngizonda izindlu zakhe zamakhosi ; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.

Zwanini, bantu bonke , uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho , iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.

kepha ngiyazi ukuthi nxa ngifika kini , ngizakuza nokugcwala kwesibusiso sikaKristu.