Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: Ake uyithenge insimu yami ese -Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho , nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona. Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.
UMoya weNkosi uphezu kwami , ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu , ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe , nokuhlenga abacindezelweyo,