"nokukhanya"
20 occurrences in ZUL
Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle , nokuhle ukuthi kungububi , ababeka ubumnyama bube ngukukhanya , nokukhanya kube ngubumnyama , babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!
Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suk u njengokuduma kolwandle ; uma umuntu ebuka umhlaba , bheka, naso isigayegaye sobumnyama , nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.
yebo, lingakabi mnyama ilanga , nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,
Inhliziyo yami iyagquma kakhulu ; amandla ami angishiyile , ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene , nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.
ubumnyama bebungayikuba mnyama ku we, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.
Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga , nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo. Ukunqotshwa kwe-Asiriya
Mina Jehova ngikubizile ngokulunga , ngiyakubamba isandla sakho , ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe,
Futhi ngiyakususa kubo izwi lok ujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, nomsindo wamatshe okugaya nokukhanya kwesibani.
Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivun guvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo , kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.
Ngakho uJesu waphinda wakhu luma kubo , wathi: Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni , kodwa woba nokukhanya kokuphila.
Wayesethi kubo uJesu : Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini . Hambani nise nokukhanya , ukuze ubumnyama bunganeh leli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.
Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya , ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo. Ukwahlulelwa kwabaJuda ngokungakholwa kwabo
Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini , ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.