Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele , nokungenisa kwakhe amanzi emzini , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko , nokukhawula izono , nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade , nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.