Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe , wena ubusa phezu kwakho konke ; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha , esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.
nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,
nezizwe zazinolaka , kepha kwafika ulaka lwakho , nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo , nokunika umvuzo izinceku zakho , abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho , abancane nabakhulu , nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.