"nokuphila"
51 occurrences in ZUL
Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho , ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.
UDavide wabuye wafunga , wathi: Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi. Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.
Ngalokho, nkosi, kuphila kuka Jehova nokuphila komphefumulo wakho , njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.
U-Uriya wathi kuDavide : Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle ; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.
U-Ithayi wayiphendula inkosi , wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami , inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami , inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni , lapho iyakuba khona nenceku yakho.
UJowabe wangena endlini enkosini , wathi: Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakh o ezisindisile ukuphila kwakho namuhla , nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho , nokuphila kwabafazi bakho , nokuphila kwezancinza zakho
Kuyakuba khona ubisi lwezimbuz i olwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, nokuphila kwamantombazana akho.
Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisi hlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka -Eliya, yamnxusa, yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.
U-Eliya wathi ku -Elisha: Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eBethele. Kepha u-Elisha wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya. Behlela-ke eBethele.
U-Eliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko.
U-Eliya wathi kuye : Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eJordani. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bahamba-ke bobabili.
Unina womntwana wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Wayesesuka wamlandela.
Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,
Nkosi, abantu baphila ngalo kho, nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele; ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.
Usho kanje uJehova , uthi: Osele k ulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila , nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.
Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuba olungileyo angoni , abese engoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile; wena-ke uwophulile umphefumulo wakho.
ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.
Ibuyisa isandla say o kwabampofu , ingamukeli inzalo nenzuzo , yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami . Yona ayiyikufa ngokona kukayise , iyakuphila nokuphila.
Kepha nithi : Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na ? Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga , yagcina zonke izimiso zami , yazenza, iyakuphila nokuphila.
Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila , yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo.
yena lo mubi abuyise isibambiso , akhokhe ayekuthathile , ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi.
Akayikukhunjulelwa nesisodwa sezon o zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.
Bheka-ke, kwasondela kuye othile , wathi: Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?
Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe , angebe ngumfundi wami.
Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka , waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo , abe nokuphila okuphakade ; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.
Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa ; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.
nokho ukufa kwabusa kusukela ku -Adamu kwaze kwaba kuMose , naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika -Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza. Ukulunga nokuphila kwafika ngoJesu
sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu , ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.
Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.
behlwelwe emqondweni , behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,
Ngokunjalo lokhu besinilangazelele , sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela , kepha nokuphila kwethu uqobo , ngokuba nase ningabathandekayo kithina.
kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe , ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.
Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,