Khona ongasokile ngokwemvelo , egcina umthetho , uzakwahlulela wena othi unombhalo nokusoka, weqe umthetho.
Ngokuba umJuda kakusiye onguye ngokubonwayo, nokusoka akusikho okubonwa enyameni;
kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi , nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama , okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.