Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka -Israyeli, ngibakhe njengakuqala.
Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo , ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo , nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo , nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo
Kepha ningalifuni iBethele , ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba , ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.
Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi: UJerobowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.
Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Umkakho uyakufeba emzini , namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo , u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.