"nokwazi"
25 occurrences in ZUL
Wethembile ebubini bakho , wathi: Akakho ongibonayo . Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakh o kukudukisile ; wathi enhliziyweni yakho : Yimi, akakho omunye.
yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini , nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu , nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.
Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no -Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide : Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.
Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.
Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali ; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.
Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume , ngingene phambi kwalabo bantu , ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?
Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,
uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi ; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho , nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.
Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu , ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema , yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.
Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.
Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha , nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe , siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho , ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.
Akakho okhumbulayo , nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe : Ngishisile inxenye yawo ngomlilo , ngenzile isinkwa phezu kwamala hle awo, ngosile inyama , ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso , ngikhothamele umbhuku womuthi, na?
Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala , niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu , naphezu kwalo muzi , naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.
UJehova ukhulumile ngani ukuthi : Wena nsali yakwaJuda , ungayi eGibithe; yazi nokwazi ukuthi ngifakazile kini namuhla.
Ngalokho yazini nokwazi ukuthi niyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo endaweni enifisa ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.
uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;
ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo , nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe , nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!