Uyakuba nokwethemba , ngokuba ithemba likhona ; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
Manje-ke kumi ukukholwa , nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu ; kepha okukhulu kulokho luthando.
njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo , kepha ngesibindi sonke , njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami , nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.
nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni . Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu;