Skip to Content

"nombuso"

25 occurrences in ZUL

Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela ; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

U-Abimeleki wayesembiza u -Abrahama, wathi kuye : Wenzeni kithi na ? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na ? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.

UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka -Ogi inkosi yaseBashani , izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho . Ngalokho thumela umlethe kimi , ngokuba ungowokufa yena.

Manje bheka , ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela , nombuso wakwa - Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.

Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika -Abineri indodana kaNeri;

Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phamb i kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.

Inkosi uSolomoni yaphendula , yathi kunina : Umcelelelani u -Adoniya u- Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.

UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini ; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.

Inqaba iyakuphela kwa -Efrayimi, nombuso eDamaseku , nensali e -Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli, usho uJehova Sebawoti.

Ngiyakuvusa abaseGibith e ukuba bamelane nabaseGibithe, balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo , kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe , umuzi nomuzi, umbuso nombuso.

Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza ye na, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise , usho uJehova , ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.

Ngasekugcineni kwezinsuku mi na Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini , nomqondo wami wabuyela kimi , ngambonga oPhezukonke , ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade . Ngokuba ukubus a kwakhe kungukubusa okuphakade , nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;

Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye , ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.

Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli , ngokuba unguNkulunkulu ophilayo , umi kuze kube phakade , nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.

Yanikwa ukubusa , nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu , nezizwe, nezilimi bayikhonze ; ukubusa kwayo kungukubusa okuphaka de okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.

Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke ; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani.

Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.

UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda , wathi kuye : Awukude nombuso kaNkulunkulu. Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza. UMesiya nemvelo yakhe (Math. 22:41; Luk. 20:41)

Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe , nombuso uvukele umbuso ; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo , kube khona indlala ; lokhu kungukuqala kwemihelo.

uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube ph akade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.

Khona wathi kubo: Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso;

Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:

Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini , lithi: Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu , nombuso ngokaKristu wakhe , ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.

Eyesihlanu yathululela isitsha say o esihlalweni sobukhosi sesilo ; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,